Posted by: Mbathastan | April 20, 2013

Khumalo, Mntungwa, Mabaso

Khumalo/Mabaso
1. Mashobane
2. Mzilikazi/Mzilawegazi
3. Ngonyama
4. Nyandeni
5. Khukhuza
6. Ngwadla
7. Ndabezitha
8. Mbulazi
9. Maweni
10. Macala
11. Zwangendaba
12. Msweli
13. Seni
14. Mbawu
15. Phungaza
16. Gwamanda
17. Muthwa
18. Khulu
19. Zikode
20. Gawozi
21. Bheje
22. Nyathikazi
23. Mzazela
24. Shembe
25. Lobengula
26. Gasa
27. Mkhatshwa
28. Mawela
29. Nkomo
30. Ntokela

Okuqaphelekayo kulezi engizibhalile ukuthi akusibo bonke abantu bakwa Khumalo abazithakazela ngazo. Izithakazelo zigcina sezehlukana ngokwezindlu kodwa-ke bonke laba ababhalwe ngapha ngenhla bayazalana.

*Amambatha Heritage Society*


Responses

  1. Abakwa Muthwa bahlobene no Khumalo, nazi izithakazelo zabo:

    Muthwa
    Msweli
    Phungaza
    Gwamanda

  2. Abakwa Khumalo, Mabaso kanye no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala. Abakwa Mabaso bazinza eNkandla. AmaNtungwa abe esegcwala ezindaweni zako Mvunyane, Nondweni, Hlazakazi, Babanango, Mnambith, Newcastle nase Uitrecht.
    U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode! owazala oGasa no Mashobane owazala Magugu, Donda, Siwela yena owazala uMlotshwa.

  3. ngithandana nomfana wakwa Khoza umama wakhe ukaMabaso, mina ngingowaka Khumalo, siyathandana kakhulu kodwa manje ngicela ulwazi ukuthi kukhona yini okungaba yinkinga ngoba kuthiwa oKhumalo noMabaso bahlobene. Emndenini wakithi ukhona ugogo wakwaMabaso owashada noMkhulu wethu uKhulu baba nabantwana abaningi, azange kube khona inkinga. Ngicela ningicacisele ngoba siyathandana kakhulu nalomlisa ozalwa ukaMabaso mina ngingowakwa Khumalo. Futhi sifuna ukushada maduze sibe nabantwana, angifuni senze into engasilethela amashwa.

  4. ngithandana nomfana wakwa Khoza umama wakhe ukaMabaso, mina ngingowaka Khumalo, siyathandana kakhulu kodwa manje ngicela ulwazi ukuthi kukhona yini okungaba yinkinga ngoba kuthiwa oKhumalo noMabaso bahlobene. Emndenini wakithi ukhona ugogo wakwaMabaso owashada noMkhulu wethu uKhulu baba nabantwana abaningi, azange kube khona inkinga. Ngicela ningicacisele ngoba siyathandana kakhulu nalomlisa ozalwa ukaMabaso mina ngingowakwa Khumalo. Futhi sifuna ukushada maduze sibe nabantwana

    • Angiboni kunenkinga ngoba izibongo zenu azifani futhi nobuhlobo obukhona kuthe ukuqhela. Empeleni abe Nguni ngobuningi bahlobene ngokunjalo ayikho inkinga uma kungesona isihlobo esiseduze.

  5. Thina singo Nkosi,Ndlangamandla Mntungwa.AbakwaKhumalo ngabakithi yini.Ngingamthatha oka Khumalo na.

    • Zazi
      Uma ungu Nkosi Ndlangamandla nihlobene nabakwa Khumalo noma sekuthe ukuqhela. U Nkosi Dlamini ongahlobananga naye kodwa-ke kuyaqapheleka ukuthi bonke abeNguni bahlobene. U Nkosi Dlamini ungashada naye kodwa qha Abakwa Khumalo. Kokunye sekuya ngomuzwa womuntu. #mbathastan

      • Ngcela unginikeze ilist yendlu kaBheje kaMagawozi kaZikode kaMkhatshwa

  6. Khuhle kakhulu ukwazi lapho esidabuka khona kanye lezibongo zethu thina amanguni ngoba itsha enengi kulezi insuku ayazi lapho edabuka khona. Siyabonga kakhulu.

  7. kuyangjabulisa ukwaz izihlobo zam zonke. ngathandana nomuntu wakwamsweli ngingaz ukuty kant sihlobene.

  8. I would like to find out exactly about my ancestors Dini Myeleyele kaMabaso as he was my grandfather if I can find his line from the Mabaso clan.

    Thank u
    Asanda

    • Eish bafwe2 kwaze kwangsiz ukuzw lolulwaz coz min ngike ngathandan entombazan yakwamswel coz ulwaz bengingenal so ngingathand masingakhuliSan kakhul ngalento yokuhlobana ngezibongo

  9. Ngicela ukwazi ukuthi kulezithakazelo zakwa Ndlangamandla ngiyezwa ngo mlotshwa ukuthi uzalwa u Siwela,manje umphazima yena uzalwa ngubani noma ulamana nobani abakwabo uma bekhona

    • Thulani

      Ngisazokubhekela okwamanje ngise ndleleni. Uzothola impendulo emalangeni.

      • Ngingajabula kakhulu,nokuthi nje uma u Mtungwa ezala u Khumalo,noMabaso,noNkosi,uNkosi lo ngabe nguye ovela nenzalo yakwaNdlangamandla?.uma kunjalo yimaphi amadodana akhe?,noma siqala kuphi lesibongo sikaNdlangamandla aze abe ngu Ndlangamandla,inzalo yakhe kwaba ngobani.ngiyabonga

  10. ngicela izithakazelo zakwa mntungwa

  11. Mna ndingu Mazulu ndithandana nomfana umamawakhe nguMazulu kwaye wamfumana eseyintombi so umfana Ibiza isibongo sikamama wakhe uZulu

  12. ngifisa ukwaz ukuth ngabe uMthembu kanye no Mabaso bahloben nah?

  13. What’s the connection between the Khumalo and Mabena?

  14. ndiyintombi yom xhosa, ndizalelwe ekomani empumakoloni.isiduko sam ngu ma khumalo ndicela uncedo ndithini xa ndizithutha

  15. Sawubona Ngingowakakhunalo ngifuna ukwaz sihlobana kanjan noZwane?

  16. Ngicela ukwazi ukuthi uMabaso noMlotshwa bahlobene omkhulu yini?

  17. Okhumalo abese Ngoje bona bangobani bezalwa obona,ngoba ithakazele zethu zehlukile kakhulu.bt sisebenzisa ihubo elilodwa nabanye abakwaNongoma

  18. ngicela ukwazi ukuthi ubukhosi bakwa khumalo obese ndwendwe buqhamuka kuyiphi indlu

  19. mina ngicela ukwazi ukuthi oNdlovu bahlobene no Khumalo na

  20. mina Ngicela ukwazi ngabantu bakwa mathe

  21. Ngicela owazi izithakazelo zakwa Mncwabe

  22. Ngsacela ningiphe umlando wakwa Nyathikazi kanye nezithakazelo

  23. mina igama ngu Mpho maweni
    bengicela ukwazi bakwa maweni bazalwa obani nesithakazelo sabo

  24. AbakaZwane bahlangana kanjani noMabaso,Khumalo or Mntungwa. Ngoba bona abakithi kodwa ngisaba sathe ngiyabheka lana emlandweni akuveli lutho lubaxhumanisayo or labafowethu abalokhu bebhala lana ngemvelaphi yezibongo kukhona abashoda ngakho. Ngiyabonga from Nkosiyazi Mabaso.

  25. Amantungwa ayanimema ukuba nibambe iqhaza ekusungulweni kweqembu lawo elizongenela ukhetho ngo 2016

  26. ngicela izthakazele zakwa jawuza

  27. isibongo sakwa Maweni sihlobana njani nomtungwa or khumalo


Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out / Change )

Twitter picture

You are commenting using your Twitter account. Log Out / Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out / Change )

Google+ photo

You are commenting using your Google+ account. Log Out / Change )

Connecting to %s

Categories

%d bloggers like this: